Ubuholi be-ANC bonke buyobhonga emswaneni kwaMadikizela-Mandela

eGoli - Wonke amalungu e-NEC angu-80 azohambela ekhaya likaMadikizela-Mandela eyobhonga emswaneni ngoLwesine, kusho iPhini likaMengameli wezwe uDavid Mabuza.

UMabuza ubeyingxenye yezicukuthwane ezihambele ekhaya lale nqalabutho e-Orlando eSoweto ngoLwesithathu.

Njengabanye abaningi, uMabuza uncome amagalelo amahle kakhulu ale ndlovukazi ngezikhathi zobandlululo.

OLUNYE UDABA: 'UMadikizela-Mandela ubengumakoti wangempela'

UMabuza uthe amalungiselelo omngcwabo ahamba kahle kakhulu.

Umndeni wengqalabutho yomzabalazo esanda kukhothama uNkz Winnie Madikizela Mandela oseMbizana e-Eastern Cape esigodini saseMbhongweni lapho azalelwa khona usukubeke kwacaca ukuthi kabayizwa kahle eyesinqumo sokumngcwabela eGoli.

Lokhu kudalulwe umzala kaMama uWinnie, uMnu Prince Madikizela okhulumela umndeni waseMbizana ukukhi bazizwa bexhoshwa libhekile ngesinqumo sokuthi umzala wakhe ayongcwatshelwa eGoli kungakhulunywanga nabo kuqala.

“Thina sizwe nje ngezindaba ukuthi umndeni wakhe oseGoli usuhlangene noMengameli uCyril Ramaphosa kwathathwa lesi sinqumo kodwa ke sesithumele umuntu wethu ukuthi ayosizwela ukuthi kwenzakaleni” kusho uMnu Madikizela.

Ukugcizelele ukuthi umndeni kawuxabani ngalesi sinqumo kodwa ingcindeni ivela emphakathini, osopolitiki, nasemamakhosini abahlaba imibuzo usuku nosuku ukuthi kungani abaholi abadabuka ezindaweni zabo begcina sebengcwatshelwa kwezinye izindawo kungaxhunyanwanga nabo.

“Phela uWinnie ubese umholi wezwe ubengasiyena owethu kepha ubese umuntu wabantu okusho ukuthi bafanele ukuba nemibuzo ngaye . UWinnie akafunwa yithina la, ufunwa AmaMpondo akubo” kudalula uMnu Madikizela.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When a Covid-19 vaccine for under 16's becomes available, will you be taking your children to get it?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, immediately!
37% - 2445 votes
I'll wait to see how others respond
26% - 1749 votes
No, I don't think they need it
37% - 2436 votes
Vote
ZAR/USD
15.09
(-0.16)
ZAR/GBP
21.02
(-0.23)
ZAR/EUR
18.22
(-0.19)
ZAR/AUD
11.62
(-0.25)
ZAR/JPY
0.14
(-0.54)
Gold
1734.50
(+0.02)
Silver
26.67
(+0.05)
Platinum
1186.51
(+0.42)
Brent Crude
64.40
(-2.56)
Palladium
2310.00
(+0.58)
All Share
66138.05
(-1.99)
Top 40
60754.30
(-2.11)
Financial 15
12200.05
(-1.09)
Industrial 25
86144.34
(-0.81)
Resource 10
67459.85
(-4.14)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo