'Ubulale intombi, wageza isidumbu, wasigqokisa ezihlanzekile'

Cape Town - Izakhamuzi zaseLowe Crossroads, ePhilippi, eKapa, zithi ngeke akuthole ukuphumula owesilisa osolwa ngokubulala intombi yakhe, wahlala nesidumbu sayo ubusuku bonke.

Izakhamuzi zithi owesilisa ugeze isidumbu sentombi wabe esesigqokisa izingubo ezihlanzekile.

Ngesikhathi ithimba leDaily Sun lifika kweyesehlakalo, isidumbu sowesifazane besidindilize eceleni kombhede.

Izinto okukholakala ukuthi kubulawe ngazo isisulu - okubalwa kuzona nefosholo - zishaqwe amaphoyisa.

“Leya ndoda inguSathane. Imbulele, yageza isidumbu yabe isisigqokisa izingubo ezihlanzekile,” kusho uNako, oyilungu lomphakathi.

Esinye isakhamuzi sithi umsolwa wagwaza umshana wakhe wambulala kuyona le ndlu ngo-2016.

OLUNYE UDABA: Uzinikele emaphoyiseni owe-ANC obonakale ekhahlela owesifazane

“Ngicabanga ukuthi igazi lomshana wakhe elachitheka kungenasizathu yilona elenza konke lokhu. Lokhu kuyakhombisa ukuthi kwakumele abolele ejele ngakwenza kumshana wakhe. Akafanele ukuhlala nathi,” kusho isakhamuzi.

UCynthia Mbiko, 47, ongumngani kamufi, utshele iphephandaba ukuthi umsolwa ngoDisemba washaya wephula isisulu kodwa isisulu samxolela ngoba simthanda.

Okhulumela amaphoyisa aseWestern Cape uLieutenant-Colonel Andre Traut uthe: “Kuyaphenywa ngokufa kowesifazane, 66. Ushaywe wabulawa esigamekweni esenzeke eLower Crossroads ngabo-22:00 ngoLwesihlanu.

“Umsolwa waboshwa kanti uzovela enkantolo maduze.”

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
46% - 5662 votes
It's four more years for Trump
54% - 6701 votes
Vote
ZAR/USD
16.39
(+0.35)
ZAR/GBP
21.39
(-0.36)
ZAR/EUR
19.44
(+0.12)
ZAR/AUD
11.61
(-0.08)
ZAR/JPY
0.16
(-0.01)
Gold
1921.31
(+0.57)
Silver
25.10
(+1.44)
Platinum
879.00
(+0.96)
Brent Crude
43.05
(+1.28)
Palladium
2399.00
(+0.63)
All Share
55102.39
(-0.31)
Top 40
50646.79
(-0.40)
Financial 15
10011.32
(+0.55)
Industrial 25
74930.46
(-0.84)
Resource 10
53723.00
(-0.12)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo