Ubulawe eKranskop osolwa ngokubulala iphoyisa eGoli

Greytown - Owesilisa obefunelwa icala lokubulala iphoyisa eGoli udutshulwe washona ngesikhathi kunempi yezulu lezandla phakathi kwakhe namaphoyisa aseKranskop, endaweni yaseMambulu.

Ilungu lesibili lalaba abasolwa ngokuba yizigelekeqe nalo lidutshuliwe kwase kutholakala nezibhamu.

Sekunohide lwezigameko zobugebengu ebezenzeka eKranskop kanye naseMambulu kamuva, kepha izigelekeqe bezingabanjwa, kubika iGreytown Gazette.

Kuthiwa la basolwa abanukwa nje kuphela ngezigameko zokugetshengwa kwamabhizinisi kuleya ndawo, kepha basolwa nangokuhlasela uthisha, bamshaya kanzima base bemphuca u-R17 000, okwakuyimali eyayiqoqiwe njengoba abafundi kwakumele bahambe nesikole.

OLUNYE UDABA: Uzobolela ejele owabulala iphoyisa

NgeSonto ntambama amaphoyisa aseKranskop alunywe indlebe ase anikela endaweni yaseMambulu afike azithela phezu kwabasolwa begibele esikhenkeni seveni.

Ababili kubona babe sebegxumela phansi baqala badubula bebhekise emaphoyiseni, nawo aphindisela ngenhlamvu abalahla othulini. Kube sekuboshwa abanye abasolwa abayishumi.

Kuphinde kwatholakala isibhamu sephoyisa elabulawa eGoli kanye nesinye sohlobo lwe-R5. Kutholakale nomakhalekhukhwini abebiwa kuphangwa isitolo sakwaPep.

Abasolwa kulindeleke ukuba bavele eNkadntolo yeMantshi yaseKranskop kuleli sonto.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
As South Africa faces down the third Covid-19 wave, how are you keeping your family safe ?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Staying at home, isolating and being careful
20% - 551 votes
Sanitising and wearing masks when we go out
67% - 1903 votes
Going on as usual, we're not afraid of the virus
13% - 369 votes
Vote
Rand - Dollar
14.12
-0.0%
Rand - Pound
19.92
-0.0%
Rand - Euro
17.16
-0.0%
Rand - Aus dollar
11.00
-0.0%
Rand - Yen
0.13
-0.0%
Gold
1,843.76
0.0%
Silver
27.42
0.0%
Palladium
2,894.50
0.0%
Platinum
1,229.50
0.0%
Brent Crude
68.71
+2.5%
Top 40
60,573
+0.6%
All Share
66,598
+0.7%
Resource 10
69,386
-0.1%
Industrial 25
83,277
+0.9%
Financial 15
12,685
+1.5%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo