Umshayeli kusolakala ukuthi ugwazwe washona ngemuva kokuthi eshayise abantu abebehamba ngezinyawo eTaylors Halt, eMgungundlovu, kwashona abayisithupha ngoLwesihlanu ebusuku.
Okhulumela i-ER24 uWerner Vermaak ubike ukuthi kushone abantu abayisithupha abebehamba ngezinyawo ngesikhathi kwehla ingozi ku-Edendale Road ngabo-20:00 izolo.
UVermaak uthe umshayeli wale veni edale ingozi naye utholakale ebulewe.
“Kukholakala ukuthi abantu abazibonele kwenzeka le ngozi bagwaze lo mshayeli washona ngemuva kokuthi kwehle ingozi," esho.
OLUNYE UDABA: Kushone abantu abayisihlanu engozini yemoto eRusternburg
UVermaak uthe kushone abantu abayisihlanu abebeseceleni komgwaqo, abahlonzwe ngabosizo lokuqala.
“Omunye obelimele kabi ugcine ngokushona ngokuhamba kwesikhathi ngenxa yokulimala akutholile," kusho uVermaak.
Okhulumela i-KZN EMS, uRobert McKenzie, uthe kushone okungenani abantu abane kulesi sigameko.
Uphinde waqinisekisa nokuthi umshayeli weveni edale ingozi ushaywe ngamalungu omphakathi, naye wagcina ngokushona.
UMcKenzie uthe abanye abantu abayisikhombisa baphuthunyiswe esibhedlela.
A vehicle has crashed into a group of pedestrians on the side of the rd in the Boston/ Taylor's halt area. Sadly 4pedestrians have sustained fatal injuries. 7 pedestrians taken to hosp. The driver of the bakkie was s allegedly assualted & has sustained fatal injuries
— KZN EMS (@KZN_EMS) March 30, 2018