Durban - Bathi sebedinga ngisho noma yimuphi umkhuleko abakaMasipala waseZululand njengoba kulokhu siqhubeke njalo isomiso samanzi kuleya ndawo.
IMeya yakule ndawo iNkosi uMzamo Buthelezi yake yakuveza phambili ngesikhathi kuseza uMkhosi woMhlanga ukuthi nakuba babemi ngomumo ngomcimbi kodwa sihlasele isomiso ezindaweni eziningi.
Imeya ibizungeza namakhansela angaphansi kwalo masipala okubalwa uLundi noNongoma ngoLwesithathu, beyobheka isimo kumathangi agcina amanzi kanye nemifula ephakela izindawo ezizungeze le ndawo.
Lapha kubalwe iNkonjeni Hospital, nayo esenkingeni yamanzi njengoba imumatha iziguli ezingaphezu kuka-350 ezidinga ngamanzi.
UButhelezi uthi sebelindele umkhuleko ongaqhamuka noma yikuphi njengoba ethi uJehova uyalalela, akukhathaleki ukuthi umkhuleko uqhamuka ngakuphi.
OLUNYE UDABA: Kubikwa isomiso enyakatho neKZN
“Siyafisa ikuthi abantu bayeke ukumosha amanzi ,futhi bangawaxhumi ngokungemthetho. Siyanxusa ukuthi abantu bangawamoshi amanzi njengoba imiphakathi eminingi idonsa kanzima," kusho uButhelezi.
Isabelomali sika-2017/18 esinikwe iZululand singu-1billion.
Omasipala abakhahlamezeke kakhulu abangaphansi kwe-Zululand kubalwa uMasipala wakwaNongoma kanye noLundi njengoba bengenawo umfula.
Obeqhamuka eMnyangweni wezaManzi kuMasipala wasoLundi, uSizwe Ngubane, uthi bayazikhalela eMnyangweni weziMali ukuthi ubasize ngoba ngo-2019 bangase bengabi nawo nhlobo amanzi. Uthi badinga imali ebalelwa ku-600 million ukuze bakwazi ukubhekana nale nkinga.