Ucishe waphenduka “iphara” umsakazi woKhozi eMelika

Dueban - Ugileke igoda umsakazi woKhozi FM uNgizwe "Zulu Charmer" Mchunu ngesikhathi uhambo lwakhe lwaphesheya kwezilwandle eLos Angeles e-United State of America (USA) luphenduka luba muncu ngenxa yokuntshontshelwa zonke izimpahla zakhe kwelinye lamahhotela ekade belungiselela ukulala kulona nowakwakhe, kubika iphephandaba ILANGA.

UNgizwe uthi usale engenalutho njengoba kushaqwe sonke isikhwama sezimpahla zokugqoka nesenguduso yakhe uNkk Floda Mchunu ekade bezikhiphe nayo.

Uthi usephenduke iphara ngenxa yokuhanjelwa yizona zonke izimpahla zakhe ekubeni kusasele izinsuku ezingaphezulu kwezine ukuba abuyele eNingizimu Afrika njengoba bezobuya ngoLwesine.

"Angibazi ubugebengu obunjena kuleli zwe futhi ngedelile. Sithe sisabhalisa lapho kwemukelwa khona izivakashi, kusalungiswa nje indawo yokulala kwathi izikhwama ebekade sizibeke phansi sabona zingasekho okusho ukuthi khona ofikile wazishaqa zonke. Angikaze ngibuzwe ubugebengu obufana nalobu. Angazi nokuthi ngizokwenzanjani ngoba izikhiye zezimoto zami, amapasi nezinye izinto ezibalulekile bezisesikhwameni," kusho uNgizwe.

Uthi nomqhele wakhe ubewufake phakathi nawo ulahlekile. Uveze nokuthi uhambo lwakhe akasaluthokozeli ngenxa yalesi simo.

Funda nalolu daba: I-ANC ibulawa ukuzikhukhumeza  - Mboweni

"Amakhamera asivezile isithombe somuntu obegaxe lezi zikhwama ekhokhoba nazo nakuba ubengakabanjwa," kusho uNgizwe. Kulezo zimpahla ezintshontshiwe uthi bekukhona nemali.

Ubhale naku-Instagram ezwakalisa ukuphoxeka kwakhe ngesigameko esimehlelo. Ufake nezithombe zamakhamera ezokuphepha asehhotela, esinothile wesilisa obonakala ephethe isikhwama. "Ibonakele inkunzi yesela elithathe isikhwama sami kumakhamera e-United States of Am

erica. Awu langiphoxa izwe ngilithanda," kusho ungizwe ku-Instagram.

Kwenzeka lokhu nje ubekade ehambe nabomncintiswano wama-South African Traditional Music Achievements Awards (Satma) ngokomkhankaso wawo "Isiyabalanda" weminyaka yonke wokuyomema izicukuthwane zaphesheya ukuba zizokuba yingxenya yomcimbi wama-Satma, wokumemezelwa kwabonqobile kuMfumfu (October), eRichards Bay, enyakatho yeKwaZulu-Natal.

Aba-SATMA ahambe nabasakazi boKhozi FM, uMhlobo wenene FM, Gwalagwala FM neLesedi FM.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When a Covid-19 vaccine for under 16's becomes available, will you be taking your children to get it?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, immediately!
38% - 2955 votes
I'll wait to see how others respond
26% - 2040 votes
No, I don't think they need it
36% - 2864 votes
Vote
ZAR/USD
14.98
(+0.29)
ZAR/GBP
20.86
(+0.69)
ZAR/EUR
18.05
(+0.69)
ZAR/AUD
11.64
(+0.09)
ZAR/JPY
0.14
(+0.60)
Gold
1723.82
(-0.84)
Silver
26.49
(-0.99)
Platinum
1184.00
(-0.96)
Brent Crude
64.90
(0.00)
Palladium
2349.99
(+0.85)
All Share
67536.96
(+2.12)
Top 40
62107.04
(+2.23)
Financial 15
12456.31
(+2.10)
Industrial 25
88082.08
(+2.25)
Resource 10
68969.71
(+2.24)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo