Ucwaningo luveza ukuthi bathembekile abesifazane bakuleli

Johannesburg – Ucwaningo olusha luveza ukuthi uma kuqhathaniswa namanye amazwe, abantu besifazane baseNingizimu Afrika bathatha isikhathi eside ukuqoma bebe beshadile.

Lolu cwaningo olwenziwe yi-website yabaqoma/nywa bebe beshadile noma beshadelwe, iVictoriaMilan, luveza ukuthi abantu besifazane bakuleli bathembeke kakhulu uma beqhathaniswa nabakwamanye amazwe.

Lo mbiko uqhuba ngokuthi abesifazane bakuleli kubathatha cishe iminyaka eyisikhombisa kuze kube bephula izifungo zabo, kubika iDestiny.

Uphinde wananela ngokubalula ukuthi akubona bonke abesifazane abashithayo, kepha labo abakwenzayo balinda isikhathi esithe xaxa uma beqhathaniswa nabakwamanye amazwe.

OLUNYE UDABA: Ukwenza ucansi kunomthelela eholweni lakho - Ucwaningo

Lolu cwaningo luveze ukuthi abantu besifazane base-Ireland bathembeka iminyaka elinganiselwa kwemithathu nje vo bese beyaqala bayaqoma.

“Abantu besifazane abashadile banezizathu abazibekayo uma beqoma. Kwesinye isikhathi bakhala ngabayeni babo abangabanaki futhi abangabahloniphi.

“Yize ukuqoma kungasho ukuthi abasabathandi abayeni babo, kepha inhlansi yothando isuke isiya ngokushabalala,” kusho umsunguli weVictoriaMilan, uSigurd Vedal.

Lo mbiko ugqamise ukuthi ngokwesilinganiso, abesifazane bakuleli baqala ukujolela ophathina babo kusukela eminyakeni engu-36 ubudala kuya phezulu.

Kuthini ukuphawula kwakho ngalolu cwaningo?

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
46% - 4843 votes
It's four more years for Trump
54% - 5750 votes
Vote
ZAR/USD
16.53
(-0.24)
ZAR/GBP
21.43
(-0.20)
ZAR/EUR
19.48
(-0.24)
ZAR/AUD
11.64
(+0.05)
ZAR/JPY
0.16
(-0.17)
Gold
1902.32
(-0.02)
Silver
24.47
(+4.66)
Platinum
855.51
(+0.26)
Brent Crude
42.85
(-0.67)
Palladium
2334.28
(+0.69)
All Share
55161.03
(+0.21)
Top 40
50741.94
(+0.09)
Financial 15
9977.80
(+3.10)
Industrial 25
74762.95
(-0.61)
Resource 10
54129.95
(-0.07)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo