Durban – Owesilisa oneminyaka engu-30 ubudala ugwetshwe udilikajele ngoLwesithathu ngokudlwengula ephindelela nangokushaya owesifazane ezimobeni eNtumeni ngoDisemba 2016, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal.
INkantolo yesiFunda eShowe imthole enecala uSiduduzo Myeza lokudlwengula nokushaya ngenhloso yokulimaza, kusho okhulumela amaphoyisa uThembeka Mbhele esitatimendeni.
UMbhele uthe uMyeza wabamba isisulu, 25, ngesikhathi sidlula ezimobeni sithunywe ngunina.
OLUNYE UDABA: Ushonile owesilisa oshayiswe yizimoto ezintathu
"Wabe esesigwaza ngebhodlela, waqhubeka nokusidlwengula,” kusho uMbhele.
Isisulu sakwazi ukuphunyuka sabaleka, sathola ukwelashwa emtholampilo oseduzane nokuyilapho kwabikelwa khona amaphoyisa ngecala lokudlwengula.
UMyeza waboshwa wagcinwa esitokisini kusukela ngaleso sikhathi.