Udilikajele kwababulala iphoyisa eMpumalanga

Secunda - Agwetshwe udilikajele amadoda amathathu abulala iphoyisa eduzane naseSecunda ngoFenhuwari ekuqaleni kwalo nyaka, kusho amaphoyisa aseMpumalanga ngoLwesine.

USydney Mashaba, 44, uFrans Nathibela, 45, noKhayelihle Ngubane, 38, bagwetshwe ngoLwesithathu ngecala lokubulala iphoyisa ebelisebenzela eSecunda.

OLUNYE UDABA:Bagwetshiwe ababulala iphoyisa eKapa

"Ngomhlaka-18 Febhuwari 2017, uConstable Phumlani Nxumalo, 44,  nelinye iphoyisa babepake imoto ngasemgwaqeni eKinross, e-Afghanistan, ngesikhathi behlaselwa nguMashaba, uMathibela noNgubane.

"Laba bobathathu baphoqa uNxumalo ukuba aphume emotweni kwathi ngesikhathi ezama ukuzivikela, bamshaya ekhanda ngesidunu sesibhamu wawa phansi," kusho isitatimende samaphoyisa.

"La madoda womathathu abaleka ngemoto kaNxumalo ayoyishiya eDuba Park eduzane nasethaveni. UConstable Nxumalo wazama ukusukuma, wagijima eyofuna usizo kodwa wavele washona ngenxa yamanxeba."

La madoda aboshwa ngomhlaka-20 Febhuwari.

 - ANA

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
46% - 6755 votes
It's four more years for Trump
54% - 7865 votes
Vote
ZAR/USD
16.20
(+0.82)
ZAR/GBP
21.20
(+1.16)
ZAR/EUR
19.15
(+1.09)
ZAR/AUD
11.53
(+0.66)
ZAR/JPY
0.15
(+0.98)
Gold
1903.42
(-0.93)
Silver
24.64
(-1.18)
Platinum
886.00
(+0.34)
Brent Crude
42.06
(-3.35)
Palladium
2370.00
(-0.12)
All Share
54796.42
(-0.99)
Top 40
50276.84
(-1.23)
Financial 15
10376.28
(+2.34)
Industrial 25
74130.97
(-0.60)
Resource 10
52819.20
(-2.99)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo