Udinwe uyaveva umdlali weDowns ofuna ukukhululwa

Durban – Udinwe uthelwa ngamanzi umdlali weMamelodi Sundowns okuvela ukuthi ukhala ngesihluku esenziwe yile kilabhu kuyena inqaba ukumudedela ekubeni ingasamdlalisi.

Inkontileka kaThabo Nthethe oyisitobha seDowns iyaphela uma kusongwa isizini, kubika i-LANGA LangeSonto.

IDowns kubukeka ingeke iyelule njengoba isiqedile ngabo bonke abadlali bayo abebephelelwa yizinkontileka kodwa eyakhe yangavuselelwa.

Lo mdlali bekulindeleke ukuba ajoyine i-Orlando Pirates ngaphambi kokuba kuvalwe iwindi lokudayiselana ngabadlali ngoLwesine kodwa akwaze kwenzeka.

OLUNYE UDABA: Isilomo seDowns sifake isicelo sokushiya

Leli phephandaba lithole ngomunye wabadlali beDowns osondelene kakhulu noNthethe ukuthi udinwe ugane unwabu njengoba iDowns inqabe ukumudedela ekubeni ingafuni ukumdlalisa.

Kuthiwa iDowns ibifuna imali kwiPirates kodwa yona yama kwelokuthi uma engeza nephepha lakhe nje izomsayinisa. Kugcine kubhuntshe kanjalo ukuthi lo mdlali ajoyine iBucs ebukeka ivuza emuva.

Leli phephandaba lishayele uThulani “TT” Thuswa wezokuxhumana kwiDowns ngalolu daba, uthe: “Engingakusho nje wukuthi uNthethe usengumdlali wethu.”

Lo mdlali kuthiwa kungenzeka avumbuke kwiSuperSport United nayo okuthiwa iyamfuna.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
46% - 5024 votes
It's four more years for Trump
54% - 5965 votes
Vote
ZAR/USD
16.48
(+0.18)
ZAR/GBP
21.37
(+0.05)
ZAR/EUR
19.45
(-0.06)
ZAR/AUD
11.60
(+0.40)
ZAR/JPY
0.16
(+0.31)
Gold
1906.03
(+0.18)
Silver
24.63
(+5.35)
Platinum
860.00
(+0.76)
Brent Crude
42.85
(-0.67)
Palladium
2337.00
(+0.79)
All Share
55020.82
(-0.25)
Top 40
50621.79
(-0.24)
Financial 15
9920.70
(-0.57)
Industrial 25
75461.10
(+0.93)
Resource 10
53312.59
(-1.51)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo