UDlamini ubezenzela umathanda kwaSassa - Magwaza

Johannesburg – Lowo owayeyisikhulu esiphezulu kwaSouth African Social Security Agency (Sassa), uThokozani Magwaza, uveze isithombe esitshengisa ukuthi uNgqongqoshe wezeNhlalakahle uBathabile Dlamini "wadakwa wuMbuso".

Ngesikhathi ethula ubufakazi ngoLwesihlanu eHhovisi likaMengameli wamaJaji eMidrand, uMagwaza uchaze ukuthi uDlamini wagasela kanjani emhlanganweni wezikhulu ngaphandle kwesexwayiso wabe esemqondisa izigwegwe phambi kwasebenza nabo.

Unanele ngokuthi uDlamini ubeshintshashintsha abeluleki ngokuthanda kwakhe.

"Inkinga wukuthi ungqongqoshe ubephethe iSassa njengespaza sakhe," esho.

OLUNYE UDABA: Olwamanqamu namhlanje ngodaba lakwa-Sassa

UMagwaza uthe ngesikhathi kunomhlangano wezikhulu zakwaSassa ngoFebhuwari wonyaka owedlule, uDlamini wafika kungazelele muntu, ezothamela umhlangano ngaphandle kokwazisa uMagwaza.

Ngemuva kokungagculiseki ngeziphakamiso zezikhulu emhlanganweni, kuthiwa uDlamini wakhwela wadilika kuMagwaza wathi akanake okwenzeka kule nhlangano usuku nosuku "konke lokhu okunye akuyekelele kuye".

"Wabe esephumela ngaphandle, ngamlandela ngamtshela ukuthi lokhu akwenzile bekungafanele. Akazange asho lutho, kwase kusuka onogada bakhe bamzungeza benza sengathi bengizama ukumhlasela."

Thola udaba oluphelele lapha.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
47% - 9816 votes
It's four more years for Trump
53% - 11022 votes
Vote
ZAR/USD
16.38
(-1.31)
ZAR/GBP
21.28
(-0.88)
ZAR/EUR
19.26
(-0.96)
ZAR/AUD
11.54
(-0.07)
ZAR/JPY
0.16
(-1.44)
Gold
1876.32
(-1.48)
Silver
23.35
(-3.87)
Platinum
870.00
(-0.47)
Brent Crude
41.09
(+1.96)
Palladium
2231.48
(-3.18)
All Share
52308.14
(-3.28)
Top 40
47930.58
(-3.29)
Financial 15
10026.43
(-4.54)
Industrial 25
72862.13
(-1.98)
Resource 10
48131.41
(-4.51)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo