Ugcine ebuyelile kumaBhakabhaka umdlali obebolekisiwe

Johannesburg – I-Orlando Pirates isikuqinisekisile ukuthi umdlali wayo obebolekiswe kuChippa United engxenyeni yokuqala yesizini, uThembinkosi Lorch, usebuyele kule kilabhu.

ULorch wasayini kumaSea Robbers evela kuMaluti FET College ngonyaka ka-2015 nalapho abe esebolekiswa khona kuCape Town All Stars ngesizini ka-2015/16.

OLUNYE UDABA: Usehlukene neqembu umqeqeshi okhonjwa kuPirates

Wabe esejoyina iChippa nalapho ebedlala khona ngaphansi kukamqeqeshi uDan Malesela.

Manje sekuqinisekisiwe ukuthi uLorch usebuyele kumaBhakabhaka futhi uzoba khona ukuze afakwe esikwatini uma umqeqeshi weqembu, u-Augusto Palacios emdinga.

ULorch ungumdlali wasesiswini ohlaselayo kanti uyakwazi nokudlala ohlangothini noma alekelele abagadli.

Ngaphambilini lo mdlali watshela iSoccer Laduma ukuthi kubaluleke kangakanani ukudlalela ikilabhu enkulu njengePirates.

“Ngangijabule kakhulu ngoba akusiwo wonke umuntu othola ithuba lokudlalela elinye lamaqembu amakhulu ezweni. Ngangingakholwa. Ngisho nomndeni wami wawungijabulele,” kusho uLorch. 

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
46% - 4805 votes
It's four more years for Trump
54% - 5723 votes
Vote
ZAR/USD
16.56
(-0.37)
ZAR/GBP
21.44
(-0.26)
ZAR/EUR
19.50
(-0.36)
ZAR/AUD
11.65
(-0.05)
ZAR/JPY
0.16
(-0.28)
Gold
1900.98
(-0.08)
Silver
24.44
(+4.51)
Platinum
854.00
(+0.06)
Brent Crude
42.85
(-0.67)
Palladium
2333.99
(+0.66)
All Share
55161.03
(+0.21)
Top 40
50741.94
(+0.09)
Financial 15
9977.80
(+3.10)
Industrial 25
74762.95
(-0.61)
Resource 10
54129.95
(-0.07)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo