Ugeqe amagula okokuqala ngqa unkosikazi kaGigaba

Durban – Okokuqala ngqa, uNoma Gigaba usevumile ukuthi umyeni wakhe onguNgqongqoshe wezaseKhaya uMalusi Gigaba, walala nentokazi ehlala eNew York uBuhle Mkhize.

UNoma noBuhle selokhu baqala ukukwebhana ezinkundleni zokuxhumana ngo-Okthoba ngonyaka ofile.

Ngeledlule uBuhle Mkhize ubhale enkundleni yezokuxhumana ukuthi usekhathele unkosikazi kaNgqongqoshe ngokumbiza ngomqwayizi ekubeni waxolisa kudala ngakwenza.

Ngesikhathi iphephandaba iSunday Tribune lifonela uNoma, ucele uBuhle ukuba ahlukane naye.

“Isizathu esenza aqhubeke nokubhala [ezinkundlezi zokuxhumana] yingoba angimphenduli. Angazi ukuthi kungani enginaka kangaka ekubeni kunguyena owalala nendoda yami.”

“Waqala ukungithumelela ama-e-mails ngo-2014 engisabisa, efuna imali. Ngamtshela ukuthi ngeke ayithole, abaqwayizi kuphela abenza leyonto.”

Funda nalolu daba: Imindeni ayihlukane nokulwelaimali yeqolo - Sassa

UNoma uthi uBuhle waqala ukumkhathaza ngemuva kwezinyanga ezimbili eshade noGigaba.

UBuhle kodwa ngoMqgibelo uziphendulele wathi uNoma unamanga, yena into ayifuna nje ukuthi axolise ngokumdelela, ambiza ngawo wonke amagama lawa.

“Uyena oqale ukungidelela. Uyalazi iqiniso. UMalusi uthumele abameli bakhe kumina ngoLwesine engicela ukuba ngiyeke ukukhuluma. Namhlanje abameli bakhe bangifonelile bengibuza ukuthi ngifunani. Ngabatshela ukuthi ngifuna uNoma axolise ngokungibiza ngomqwayizi.”

“Angisabi muntu, ngizolikhuluma iqiniso, kungani bengangimangalelli enkantolo? Ngeke ngalwa nomuntu onamandla kangaka ekubeni ngingenabo ubufakazi. UNoma noMalusi bacabanga ukuthi bangasebenzisa imali ukuphunyuka ezintweni. Ngilwela isithunzi sami la nabobonke abantu besifazane.

UBuhle uthi uzoqhubeka nokubhala ezinkundleni zokuxhumama kuze kube uNoma uyaxolisa.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When planning for the Black Friday sales do you:
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Save, research and plan ahead, preparing to make the most of it?
8% - 945 votes
Wait and see what looks like a good deal on the day?
14% - 1786 votes
Have no interest in spending more money this year?
78% - 9815 votes
Vote
ZAR/USD
15.26
(-0.57)
ZAR/GBP
20.36
(-0.35)
ZAR/EUR
18.17
(-0.56)
ZAR/AUD
11.21
(-0.19)
ZAR/JPY
0.15
(-0.58)
Gold
1812.33
(+0.18)
Silver
23.35
(+0.40)
Platinum
953.00
(-0.42)
Brent Crude
47.84
(+3.78)
Palladium
2331.00
(-0.28)
All Share
57792.38
(+0.05)
Top 40
53010.26
(-0.07)
Financial 15
11623.80
(-0.44)
Industrial 25
79955.70
(-0.21)
Resource 10
52720.98
(+0.29)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo