Cape Town - Inyunyana, iTransport Union (UNTU) ithukuthele igane unwabu ngesimo sezitimela zakwa-Passenger Rail Agency (Prasa), kanti isola ukugcwala ngokweqile ngesigameko sowesilisa ogwazwe ezinqeni.
Kubikwa ukuthi le ndoda ike yazama ukungena esitimeleni ngefastela esiteshini sesitimela sasePhilippi, eKapa.
UDonna Venter wenyunyana, osebenzela iPrasa eSalt River, uthi wabona isikhwama sale ndoda sishaya omunye umgibeli ekhanda ngesikhathi ingena ngewindi.
OLUNYE UDABA:IMetrorail iphenya esokugwazwa komgibeli esitimeleni
"Umgibeli wacasuka. Yayingekho indawo yokunyakaza njengoba isitimela sasigcwele kakhulu. Umgibeli wathukuthela wagwaza le ndoda esinqeni maqeda wayikhipha ngewindi," kusho uVenter etshela uSteve Harris onguNobhala we-UNTU.
Le ndoda yakwazi ukubambelela ngewindi isitimela saze sayoma esiteshini sesitimela saseNyanga lapho eyasizwa khona ngabanye abagibeli ukuba ibuyele ngaphakathi.
Ngokusho kukaHarris, ukugcwala ngokweqile kwezitimela kubeka impilo yabagibeli engcupheni kanjalo nabasebenzi bezitimela, iningi labo elingamalungu e-UNTU.