Johannesburg - Usihlalo we-ANC uGwede Mantashe udlulise ukuxolisa kubantu baseBrandfort ngenxa yokuthi izinhlelo zokuguqula umuzi kaWinnie Madikizela-Mandela ubeyisigcinamagugu azikuphelelanga.
"Kuyiphutha ukuthi namanje asikakhiwa. Ngiyaxolisa. Abantu baseBrandfort sibakweleta isigcinamagugu lapha,” kusho uMantashe, ophinde abenguNgqongqoshe weziMbiwa phansi.
Ubekhuluma enkonzweni yokukhumbula uMadikizela-Mandela ebibanjelwe eBrandfort ngoMsombuluko ntambama.
OLUNYE UDABA: Usebhace kubangani okamaskandi
UMadikizela-Mandela udlule emhlabeni ngo-Epreli 2 eMilpark Hospital ngemuva kokugula isikhathi eside. Ubeneminyaka engu-81 ubudala.
UMnyango wezamaCiko namaSiko wabeka eceleni imali yokwakha isigcinamagubu eminyakeni eyishumi eyedlule, kodwa akukho osekwenziwe namanje.
UMadikizela-Mandela wayehlala kule ndlu ngesikhathi esekudingisweni eFree State ngo-1977.
Indlu yanikezwa izingane zakhe, uZindzi noZenani.