London - Ugwetshwe iminyaka engu-27 ebhadla ejele owesilisa waseBhrithani obulale omunye ngoba ekholelwa ukuthi udelelele inkolo yamaSulumane.
UTanveer Ahmed uvumile ukuthi washaya wabulala umnikazi wesitolo, u-Asad Shah, waze washona eGlasgow ngoMashi.
Abashushisi bathi u-Ahmed, 32, utshele amaphoyisa ukuthi izenzo zakhe zaqhutshwa ukuthi uShah wayedelela iQuran, uMphrofethi uMuhammad, u-Allah kanye nenkolo.
Funda nalolu daba: Umlilo ubulale 11 wezingane esibhedlela
UShah wayeyilungu le-Ahmadiyya Muslim Community, ukungamaSulumane angakholelwa ukuthi uMuhammad wabangumphrofethi wokugcina.
U-Ahmed wayengasazi isulu kodwa wayebone izinto esasizibhale ku-internet.
UJaji Rita Rae ugwebe u-Ahmed ngoLwesibili iminyaka engu-27 ebhadla ejele ngaphandle kokuthola ushwele.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.