Durban – INkantolo yesiFunda yaseMpangeni imgixabeze ngeminyaka engu-10 esejele owesilisa osolwa ngokudlwengula ibhungu, 17.
Le ndoda, 30, kuthiwa yadlwengula lo mfana ngoKhisimusi ka-2014, kubika i-Eyethu News.
Isisulu kuthiwa sabonakala sikhala sase siyabuzwa ukuthi kwenzakaleni, sase siyagonyuluka ngokuthi sidlwenulwe umsolwa emzini wakhe.
OLUNYE UDABA: Unqatshelwe ibheyili umfundisi osolwa ngelokudlwengula
Leli bhungu kusolakala ukuthi liphazamisekile ekhanda.
Kwabe sekubikelwa amaphoyisa ngalesi sigameko, zamkhalela umsolwa.
Lithethwe isikhathi eside icala, lagcina ngokumgojela.