East London - Indoda eneminyaka engu-20 ubudala eyabizela amantombazane amabili endlini yayo iwathembisa imali engu-R2 igwetshwe iminyaka engu-15 ibhadle ejele, kusho iziphathimandla.
Okhulumela amaphoyisa uCaptain Jackson Manatha uthe uSiphamandla Mbiko ugwetshwe yiNkantolo yesiFunda yaseButterworth ngoLwesithathu ngokudlwengula amantombazane amabili eneminyaka engu-8 ubudala neneminyaka engu-9 ubudala.
OLUNYE UDABA: Ugogo ukwazile ukukhiyela umdlwenguli
Ugwetshwe iminyaka engu-15 ejele ngecala ngalinye lokudlwengula, lezi zigwebo uzozidonsa kanyekanye.
Ngokusho kukaManatha, ngomhlaka-31 Disemba 2014, la mantombazane acela umsolwa imali enguR2 emjondolo yase-Eugene.
"Umsolwa wathi izingane azimlandele. Wafike wakhiya umnyango wazidlwengula zombili. Waboshwa ngemuva kwesikhashana ngamacala okudlwengula."
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter