Ugwetshwe odilikajele abane owadlwengula isalukazi

Pretoria – Inkantolo yesiFunda ePretoria ngoLwesine igwebe owesilisa odilikajele abane ngokudlwengula isalukazi esineminyaka engu-92 ubudala.

UWilliam Molaudzi, 36, wengezelwe neminyaka engu-12 ngaphezu kodilikajele ngokugqekeza umuzi walesi sisulu eGroenkloof, Pretoria kusho uKaputeni uDaniel Mavimbela.

UXolani Ngudle, obengumsolwa kanye noMalaudzi, yena ugwetshwe iminyaka engu-12.

Kuthiwa emini ngomhlaka 13 Okthoba 2013, owesimame wabiza uMolaudzi owayedlula ngendlela efuna ukumnika ukudla.

Ngesikhathi lo msolwa ebona ukuthi lo wesimame uyedwa, wadla wasutha wafuna omunye umuntu ukuba bazogebenga lesi salukazi.

OLUNYE UDABA:Ona-24 ugwetshwe udilikajele ngamacala okudlwengula eMndozo

“Wangitshela ngabo-20:00 ebusuku wathi asiyogebenga isalukazi esihlala sodwa, mina ngala,” kusho ufakazi.

UMolaudzi uqhubeke nohambo lwakhe lokufuna umuntu ozomsiza ngalobu bugebengu waze wathola uNgudle.

Laba bangene ngophahla lomuzi walesi salukazi bangena ekamelweni laso, uNgudle ubematasa eba ngesikhathi uMolaudzi edlwengula lesi salukazi.

Laba babaleka nemali nenye impahla yasendlini.

Laba basolwa baboshwa ngomhlaka 22 Okthoba 2013.


We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
46% - 6759 votes
It's four more years for Trump
54% - 7873 votes
Vote
ZAR/USD
16.20
(+0.80)
ZAR/GBP
21.19
(+1.17)
ZAR/EUR
19.15
(+1.08)
ZAR/AUD
11.53
(+0.68)
ZAR/JPY
0.15
(+0.98)
Gold
1904.18
(-0.89)
Silver
24.65
(-1.13)
Platinum
886.00
(+0.28)
Brent Crude
42.06
(-3.35)
Palladium
2372.67
(-0.02)
All Share
54796.42
(-0.99)
Top 40
50276.84
(-1.23)
Financial 15
10376.28
(+2.34)
Industrial 25
74130.97
(-0.60)
Resource 10
52819.20
(-2.99)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo