Ugwetshwe odilikajele abangu-15 umdlwenguli

Cape Town – Owalahlwa amacala okudlwengula, uSikangele Mki, ugwetshwe odilikajele abangu-15 ebhadla ejele neminyaka engu-120 ngaphezulu.

Isigwebo uzosidonsa kanye kanye.

Lo mdlwenguli oneminyaka engu-34 ubudala waboshwa ngonyaka odlule kulandela uphenyo olwadonsa iminyaka emihlanu.

UMki ubeligqolozele ngqo ijaji ngesikhathi limtshela ukuthi uzochitha impilo yakhe yonke ejele.

Wawavuma wonke amacala angu-84 ayethweswe wona, okubalwa kuwona nangu-30 okudlwengula.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe izelamani ngezinsolo zokubulala umakhelwane

Lo mdlwenguli ngesonto eledlule utshele inkantolo ukuthi uyaxolisa ngezenzo zakhe.

Lona wayehlasela abesifazane nezingane endaweni yaseDelft naseKhayelitsha phakathi kuka-2011 no-2015.

Izisulu ezingu-9 zazingaphansi kweminyaka engu-16 ubudala, kanti esincane kunazo zonke sasineminyaka engu-11 ubudala. 

Kolunye udaba, indoda esolwa ngokudlwengula umzala wayo imkhombe ngommese, izosilalela ngomhlaka-27 Septhemba isigwebo sayo eNkantolo yesiFunda yaseMhala.

Le ndoda ilahlwe yicala lokudlwengula eyalenza ngo-2014 eGreen Valley, e-Acornhoek.

Ngaphambilini, umsolwa uBilly Mokoena, waliphika icala watshela inkantolo ukuthi wayethandana nomzala wakhe. Wathi wamucela ukuthi amthengele iziphuzo endaweni yokucima ukoma ngaphambi kokuba bazibandakanye ocansini.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
As a child or as an adult, have you ever been a victim of bullying?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, at school
55% - 1858 votes
Yes, at work
17% - 572 votes
No, I've never experienced this
28% - 950 votes
Vote
USD/ZAR
14.25
(-0.6)
GBP/ZAR
19.87
(+0.2)
EUR/ZAR
17.13
(-0.1)
AUD/ZAR
11.06
(-0.1)
JPY/ZAR
0.13
(-0.1)
Gold
1,774.30
(-0.1)
Silver
25.86
(-0.4)
Platinum
1,219.21
(+1.3)
Brent Crude
66.77
(-0.3)
Palladium
2,808.17
(+1.0)
All Share
68,163
(-0.8)
Top 40
62,392
(-0.8)
Financial 15
12,375
(-0.6)
Industrial 25
88,448
(-1.0)
Resource 10
69,944
(-0.6)
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo