Cape Town – Umphakathi waseManenberg uhlalele ovalweni kulandela ukubulawa kwabantu odlameni lwezigebengu ngempelasonto.
Izidubedube ziqubuke kabusha ngemelasonto yePhasika kule ndawo.
Kule mpelasomnto, abantu abathathu, okubalwa kubona nababili okusolwa ukuthi baseqenjini lezigebengu, badutshulwe babulawa.
Abantu ababili badutshulwa babulawa nangesonto eledlule.
OLUNYE UDABA: Uhlezi lubhojozi umphakathi kulandela ukubulawa kwekhehla
Kwesinye isigameko, izigebengu zivulele ngenhlamvu zibhekise ku-Abdul Kader Stanford ngemuva kokuba eqonde kuzona.
Umholi womphakathi eManenberg uRoegshanda Pascoe uthi udlame luqhubekile nangempelasonto esiphuma kuyona.
Khonamanjalo, kudutshulwe kwabulawa abanye abantu abathathu eLentegeur eMitchells Plain ngeSonto ebusuku.