eThekwini - Ummeli uhlaselwe ngentululwane yezinhlamvu engaphandle komuzi wakhe eLa Lucia.
UThamsanqa Wilson Ndwandwe, 46, ongubaba wezingane ezintathu udutshulwe amahlandla angu-8 engaphandle kwegceke lakhe.
Ngesikhathi abe-The Independent on Saturday, befika kwaNdwandwe bathole kugcwele izimoto zezihlobo nabangani ngaphandle.
Ngokusho komthombo osondelene nomndeni, lo mmeli ufike ekhaya ngoLwesine ebusuku ngo-19h30 eseyongena ngesango ngesikhathi ehlaselwa.
"Bengihleli endlini ngesikhathi ngizwa kuvuleka isango. Kusenjalo ngizwe kuqhuma isibhamu, ngesikhathi ngiphuma ngiyohlola ukuthi kwenzenjani, besilokhu sishilo isibhamu.
OLUNYE UDABA:"Akudubulekanga muntu, akulimalanga muntu futhi akushonanga muntu"
"Ngibone imoto encane emhlophe isuka ngesikhulu isivinini yilapho engumubone khona uThamsanqa ubesabhekile kodwa engaphefumuli,"ksuho lo mthombo.
Uthi ushayele abezimo eziphuthumayo abafike baqinisekisa ukuthi inyama isihlukene nomphefumulo.
Okhulumela amaphoyisa uColonel Thembeka Mbhele uthe amaphoyisa aphenya icala lokubulala.