Johannesburg - Uhulumeni waKwaZulu-Natal kulindeleke ethule ikhomishana ezophenya ngezehlakalo zokubulala okuhlobene nezepolitiki ezenzeke kulesi sifundazwe ngaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya obelungenyanga edlule.
Isinqumo sithathwe emhlanganweni weKhabhinethi lesifundazwe, ngokusho kwesitatimende esikhishwe yihhovisi likaNdunankulu uWillies Mchunu.
Angu-12 amalungu e-ANC abulawa, kwaba amathathu e-IFP namabili e-SACP.
Funda nalolu daba: Sibi isimo kwi-ANC eJozini
Isitatimende sithi kuzoxhunyanwa nabezenkolo, abendabuko kanye nabaholi bomphakathi ukuqinisekisa ukuthi kubandakanyeka zonke izinhlaka.
UMchunu wakumemezela ngoJulayi ukuthi ufuna ukusungula ikhomishana kulandela ukucelwa yi-ANC, kubika iSABC.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.