Ukhala ngokukweletwa ngamaZulu FC umdlali weBloemfontein Celtic ozwakalise ukuthi usenesilonda enhliziyweni ngokuchithwa yile kilabhu ekubeni esakuthanda ukuba yingxenye yayo.
ICeltic izogadulisana noSuthu kowe-Absa Premiership namuhla ngeSonto ngo-15:00 eDr Molemela Stadium eBloemfontein.
Lo mdlalo umqoka kula makilabhu njengoba ebukeka esethubeni lokungena kwiTop 8.
Ngesikhathi ebhekene emlenzeni wokuqala obuseKing Zwelithini Stadium, eMlazi, la makilabhu acazelane amaphuzu kuba ngu-0-0.
URoggert Nyundu ogijima kwiCeltic, okhonjwe indlela ngamaZulu ekuqaleni kwesizini uthi uSuthu luyamkweleta futhi yilona thuba leli lokuthi aziphindiselele ngokuthi lumxoshe esakuthanda ukudlala kulona.
“Lo mdlalo umqoka kimina ngingedwa. Okungujabulisayo wukuthi ufike kahle nathi sibuyelwe wukuzethemba nezinkinga ebezikhona seziphelile. AmaZulu angikweleta kakhulu kabi, angixoshe ngisakuthanda ukuwadlalela, avula esikhulu isilonda enhliziyweni yami.
“Selokhu ngangena ebholeni ngiqale ngamaZulu ukudlalela ikilabhu ehlelekile kodwa ngaphoxeka esengixosha. Ngifuna akhokhe ngokwenzekile, ayangikweleta ngokungixosha ngisawathanda.
Udaba oluphelele kwi-LANGA LangeSonto.