Durban – Sekuvimbe imvume yokusebenza eNgilande kuphela ukuthi u-Andile Jali ajoyine iqembu elidlala kuChampionship, iLeeds United.
Obhekelele izindaba zomsebenzi zikaJali, uMike Makaab, weProsport International uthe banethemba lokuthi lo mdlali uzoyithola le mvume ayilindile, kubika iLANGA.
UJali useke waveza kaningi ukuthi akasathandi ukudlalela i-KV Oostende yaseBelgium – asasalelwe yinkontileka yeminyaka emibili kuyo.
OLUNYE UDABA: Sasiyonqoba ukube wayedlala uJali - De Sa
“Kungamanga ukuthi uJali usenqamule inkontileka yakhe ne-Oostende. Iqembu yilo elizimisele ngokumdedela ngoba ufuna ukuya kuLeeds.
“UJali ufuna ukuthuthukisa ibhola lakhe, hhayi ukubuyela eNingizimu Afrika,” kusho uMakaab.
Abalandeli be-Orlando Pirates sebeke bazwakala kaningi ezinkundleni zokuxhumana ukuthi bafuna uJali ukuba abuyele ekhaya.