Johannesburg - Nakuba sebehlulwe emidlalweni emibili yokuqala kwesizini, umqeqeshi weKaizer Chiefs uSteve Komphela uthi uyabethemba abagadli bakhe.
Amakhosi ahlulwa yiBidvest Wits ngo-2-1 emdlalweni wokuqala weligi ngaphambi kokuba aphinde athole induku ka-1-0 ngesikhathi ebhekene neCape Town City koweMTN8 ngoLwesihlanu.
UKomphela uthi kusasekuseni ukuba sebengahlulelwa abagadli bakhe.
Funda nalolu daba: Sizisola ngokuhlulwa kuphela - Komphela
“SinoMitchell Katsavairo osadinga ithuba,” kusho uKomphela kuKickOff.com.
“Abagadli bethu benza kahle kakhulu ejimini, ngakho sinethemba lokuthi bazokwenza kahle nasemidlalweni.”
IChiefs izodlala nePlatinum Stars ngoLwesithathu, mhlaka 14 Septhemba emdlalweni wabo olandelayo.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.