Cape Town – Ikomidi lemfundo ephakeme ePhalamende litshelwe ukuthi kunamanyuvesi angu-19 angeke akwazi ukusebenza ngo-2018 uma amanani okufunda enganyuswa nangonyaka ozayo.
UNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme uBlade Nzimande utshele iPhalamende ngoLwesithathu ukuthi ukunganyuswa kwamanani iminyaka ilandelana kungaba nomthelela ongemuhle.
Funda nalolu daba: Usamile kwelokuthi akanacala uthisha kolwaseNquthu
ICouncil for Higher Education (CHE) iveze ukuthi uma amanani okufunda enganyuswa nhlobo, angu-19 amanyuvesi angeke akwazi ukusebenza ngo-2018, kusho uNzimande.
"Okwamanje, asikathathwa isinqumo ngokwenyuswa kwamanani okufunda emanyuvesi, ngaleyo ndlela asikho isidingo sokusabela ukuvalwa kwezikhungo eziphezulu zokufunda,” kusho usihlalo wekomidi uConnie September.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.