Durban - Umculi uNothende Madumo usola inkampani iSoul Candi kanye noDJ Lulo Cafe ngokungamkhokheli ngeculo asebenza kulo.
Lo mculi uthi wasebenzisana nalo DJ ngeculo elithi, I Wanna Love You, kodwa akazange akhokhelwe ngomsebenzi wakhe, kubika iSowetan.
Uthi sekuphele iminyaka eyisithupha alindile kodwa akakaze athole lutho yize lishisa izikhotha emisakazweni.
OLUNYE UDABA:Akasekho emhlabeni umculi kaMaskandi wodumo
“Namanje angiqondisisi ukuthi kungani ingakhulunywa eyami indaba ngaleli culo eselidume umhlaba wonke ngoba angikaze ngithole nendibilishi le,” kusho uNothende.
Le ntokazi iyavuma ukuba yingxenye yaleli culo kwamvulela amathuba amahle kakhulu kule mboni ngoba wayexakekile ngaleso sikhathi futhi wazincengela kulo DJ ukuba asebenze naye.