Durban - Amaqembu ezepolitiki aveze imibono yawo ngodaba lukaNgqongqoshe wezezimali kulandela ukunqaba kwakhe ukubonana nophiko loKlebe, kubika iTimeslive.
Yize iDA ibona sengathi umnotho wakuleli uzoba ntekenteke uma engaboshwa uNgqongqoshe futhi babona ukuthi kungcono kube nokhomishana ozophenya uma kukhona okuthile okusolisayo.
Umholi we-Economic Freedom Fighters uJulius Malema uthi uma kungekho akufihlayo kungani enqaba.
OLUNYE UDABA:‘UMalema kumele abuyiselwe kuKhongolose’
“Uma kungekho akufihlayo, njengoba esho, akukho okuzokwenziwa oKlebe. Sonke sesike sanindwa ngobubende inyama singayidlanga futhi saphuma phambili,”kusho uMalema.
UMalema uqhubeke wathi asibadingi abantu abazophathwa sengathi bangcono kunengalo yomthetho, kumele siqikelele ukuthi siyazihlonipha izikhungo zezomthetho.