Alexandre - Umholi we-Economic Freedom Fighter useveze ukuthi asikho isivumelwano abasenze ne-ANC kanye ne-DA, kubika iTimeslive.
UJulius Malema uthi inhlangano yabo izosebenza ngokuzimela kanti uma kukhona amalunga angasijabuleli lesi sinqumo, angabamba aze ngayo,
Lo mholi uthi womabili lamaqembu ahlulekile ukuvumelana nabo ngemigomo nemibandela abayibekile ngakhoke akukho abangakwenza ndawonye.
OLUNYE UDABA:I-EFF izosebenzisana namaqembu amelene ne-ANC– Malema
Uqhubeke wathi bangabambisana ne-IFP kwabanye omasipala abakhethekile, kodwa lokho akusho ukuthi bazothuthukisa amanye amaqembu ukuba asimame.
“I-ANC ibizikhukhumeza ebantwini, iqasha osaziwayo ukuba badelele basitshela umathanda, kodwa ekugcineni besibizelwa emihlanganweni sincengwa ukuba sisebenze ngokubambisana,” kusho yena.
Uthi amaqembu awine omasipala abakhulu kumele bazi ukuthi nabo banezihlalo eziningi ngakhoke zonke izinqumo zizoqala kubo.