UMbeki uhalalisele uRamaphosa, wamxwayisa ngomsebenzi omkhulu omhlalele

Johannesburg – Lowo owayengumengameli uThabo Mbeki uhalalisele uMengameli wezwe osanda kubekwa uCyril Ramaphosa wamxwayisa ngokuthi uguquko kuhulumeni yikho okwenze kwabuya ithemba kubantu bakuleli.

Ekhuluma nomsakazeli womphakathi i-SABC, uMbeki uveze ukuthi uRamaphosa kumele aqinisekise ukuthi umnotho wakuleli uyakhula ukuze akwazi ukulwisana nobubha kanye nokuntuleka kwemisebenzi.

UMbeki uphinde wakhuluma nangokuketulwa kukaJacob Zuma, wathi lo mnyakazo ubufanele ngenxa yokukhula kwezikhalazo ngobuholi bakhe.

Uqhube ngokuthi uguquko luyadingeka njengoba inkohlakalo ibonakale kuwona wonke amazinga kahulumeni ngaphansi kubuholi bukaZuma.

OLUNYE UDABA: UMengameli Zuma uthi akaqondi ukuthi kujahwephi kangaka

Uthe ukukhula kancane komnotho, ububha kanye nezinga eliphezulu labantu abangasebenzi kuseyizona zinkinga ezisehamba phambili kuleli.

UMbeki uthe ukwesula kukaZuma esikhundleni kube yinto ephusile.

“Ngicabanga ukuthi uMengameli Zuma wenze okufanele. Ngesikhathi i-ANC ithatha isinqumo ngokulalela abantu bezwe, bese kuyisikhathi sokuthi ashenxe.

"Mhlawumbe kumele engabe kade adeda emandleni ukuze i-ANC ingaphoqeleki ukuthi ize ithathe izinyathelo zokumkhipha ngevoti."

UMbeki ube esehalalisela uRamaphosa wathi uhulumeni wakhe kuzomele uthele izithelo.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
46% - 5024 votes
It's four more years for Trump
54% - 5965 votes
Vote
ZAR/USD
16.48
(+0.18)
ZAR/GBP
21.37
(+0.05)
ZAR/EUR
19.45
(-0.06)
ZAR/AUD
11.60
(+0.40)
ZAR/JPY
0.16
(+0.31)
Gold
1906.03
(+0.18)
Silver
24.63
(+5.35)
Platinum
860.00
(+0.76)
Brent Crude
42.85
(-0.67)
Palladium
2337.00
(+0.79)
All Share
55020.82
(-0.25)
Top 40
50621.79
(-0.24)
Financial 15
9920.70
(-0.57)
Industrial 25
75461.10
(+0.93)
Resource 10
53312.59
(-1.51)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo