Durban - Umculi odume kakhulu ngezingoma zothando nezivuselela imizwa uthi akayingeni eyokugana, kubika ISOLEZWE.
UNaima K ogamalakhe langempela uLungile Khumalo uthi akasenalo ithemba lokugana ngoba usehlukumezeke kakhulu othandweni.
OLUNYE UDABA:ULulo Cafe ne-Soul Candi bayangikweleta - Umculi
Lentokazi ithi okwamanje isazihlalele akekho umuntu ahlekisana naye, lokhu ukuchaza kabanzi eculweni lakhe elisha elithi, Thando.
Kuleli culo uNaima uthi uthando lumhlukumezile lwamshintsha ingqondo futhi akakholwa ukuthi uyobuye athembele kulo.
Uthi ngisho angathola indoda ayibonayo ukuthi iyikho konke akufisayo empilweni, akulula ukuthi avule inhliziyo yakhe ngoba uyasaba ngempela ukushada.