Cape Town – UKhotso Mokoena oyiTriple Jumper yakuleli umemezele ukuthi usethatha umhlalaphansi ngemuva kokukhala ngaphansi kweyokuhlunga kuma-Olympic aseRio.
UMokoena, 31, ugxume u-16.51m wangakwazi ukudlulela kowamanqamu njengoba ebe ngoka-21.
UMokoena, odume ngelika‘Croc’, nguyena kuphela umdlali wakuleli owathola indondo eBeijing ngo-2008 ngesikhathi ebuya nesiliva kuLong Jump.
OLUNYE UDABA: Kuthiwa iChiefs isamholela namanje owathatha umhlalaphansi
UMokoena
waphinde wahlabana nezindondo kweyeWorld Indoor neCommonwealth Games ngo-2008 no-2014.
Ziningi ezinye izindondo azithola kweminye imiqhudelwano yomhlaba ngaphambi kokumemezela ukuthi usethi khumu kulo mdlalo.
Uveze ukuthi uyamjabulela kakhulu owakuleli othole isiliva kuLong Jump, uLuvo Manyonga.