Johannesburg – Umengameli olandelayo we-ANC kumele kube ngowesifazane, kusho uphiko lwabesifazane eqenjini elibusayo ngeSonto.
"Asijiki ekutheni umengameli olandelayo we-ANC kumele kube ngowesifazane,” basho kanje esitatimendeni.
I-ANCWL ibinomhlangano wekomidi eliphezulu kule mpelasonto.
Funda nalolu daba: "I-ANC ibulawa ukuzikhukhumeza"
Iphakamise ukuba izikhulu eziyisithupha eziphezulu ku-ANC kumele zihlanganise isibalo sabasifazane esilinganayo nesabesilisa.
I-ANCWL iphinde yathi kuyayikhathaza ukuthi ngaphambi kokhetho kwaphakanyiswa amagama abesifazane amaningi emiphakathini, kodwa asuswa.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.