Umgadli weChiefs ukhala ngomqeqeshi wakhe

Durban – Ugxeke umqeqeshi wezakhe ngokuntuntiswa okwenkukhu engenakhanda umgadli weKaizer Chiefs ohluleke wancama ukunqobisa le kilabhu ibhekene nomkhaya i-Orlando Pirates.

IChiefs neBucs baphinde baphoxa bedlala ngokulingana kuba ngu-0-0 kowe-Absa Premiership ngoMgqibelo ntambama e-FNB Stadium, eSoweto, kubika ILANGA.

IziMpofana bezithishwa ukunqoba kwazise bezisanda kuhlula ngo-2-1 iMamelodi Sundowns koweligi ngoLwesibili olwedlule eLoftus Stadium, ePitoli.

Nokho iChiefs iphoxile idlala ibhola elingagculisi kulo mdlalo.

OLUNYE UDABA: Umqeqeshi wePirates uvuleke amehlo ngabadlali

UBernard Parker ongumgadli weCheifs uthi uphendulwe inkukhu engenakhanda ngumqeqeshi wezakhe uSteve “Mphathi” Komphela embeka yedwa phakathi kwezitobha zeBucs.

“IPirates ibiphezu kwethu kulo mdlalo isithwalise kanzima. Angizange neze ngiwuthokozele lo mdlalo bengifana nenkukhu engenakhanda phakathi kwezitobha zePirates.

“Akulula neze ukubhekana nabantu abathathu uwedwa, bengithwele kanzima ngipaquza into engayi ndawo. Kuze kwaba ngcono sekungene uGustavo Paez kwadlaleka.

“Kodwa bese sihambile isikhathi futhi sengikhathele. Sizamile kodwa iPirates ibingcono kakhulu kunathi kulo mdlalo,” kusho uParker.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Is social media doing more harm than good?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, our children are exposed and we can't protect them
49% - 5825 votes
Yes, but social media is part of the new reality
45% - 5362 votes
No, it's great for growing a child's world view
5% - 613 votes
Vote
Rand - Dollar
14.13
-0.9%
Rand - Pound
19.86
-0.3%
Rand - Euro
17.06
-0.3%
Rand - Aus dollar
10.92
+0.5%
Rand - Yen
0.13
-0.0%
Gold
1,814.47
-1.3%
Silver
26.96
-2.4%
Palladium
2,859.51
-2.8%
Platinum
1,215.34
-2.0%
Brent Crude
68.55
+0.3%
Top 40
61,529
+0.3%
All Share
67,424
+0.3%
Resource 10
71,663
+1.5%
Industrial 25
83,756
-0.5%
Financial 15
12,642
-0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo