Umkhandlu nesu lokuphehla indle ukwakha i-biogas

Durban - Umkhandlu wesifunda sase-Eastern Cape i-Alfred Nzo District Municipality usuqale uhlelo lokushintsha kumbe ukusebenzisa indle yomphakathi wendawo ngenhloso yokukhiqiza iBiogas, ekuyisu lokubhekana ngqo nesimo sokuguquguquka kwesimo sezulu esibizwa phecelezi ngeClimate change.

Lokhu kudalulwe imeneja yomkhandlu i-Alfred Nzo, uMnu Zamile Sikhundla ngesikhathi bevakashelwe izithunywa zomkhandlu waseGermany obizwa ngeHameln Pyrmont Municipality ebezizobheka ubume bomhlaba wakulesiya sifunda namathuba abangawasebenzisa ukuqinisa ubudlelwane esivumelwaneni abasisayindile sokusebenzisana sokubhekana neClimate Change.

Phakathi kwezinto ezisoqhulwini kulesi sivumelwano izindlela zokukhulisa umnotho phakathi kwalaba masipala kusetshenziswa ezolimo, ukukhiqiza amathuba omsebenzi nawamabhizinisi endawo kanye nokukhanda izindlela zokubhekana nesimo sokushintsha kwesimo sezulu ngenhloso yokugqugquzela abantu ukuthi basebenzise ama solar system ne-gas.

Ekhuluma nabezindaba uMnu Sikhundla uthe bahambele izikhungo zamanzi ezithuthukiswayo njengoba ukuguquguquka kwesimo sezulu kukhinyabeza kakhulu umnotho ngenxa yesomiso esibakhona nokuthi izimvula kanye nezichotho zilimaze kakhulu umhlaba.

“Yingakho sigqugquzela kakhulu ezendalo nokuthi abantu balime batshale nezihlahla ukuze zikwazi ukubamba umhlaba zivikele nokushisa okubakhona” kusho uMnu Sikhundla.

Uphinde wathi ukuhanjelwa kwabo yilezi thunywa kubaphoqe ukuthi bahambele nezikhungo zamanzi ezithuthukiswayo ezizokwazi ukubhekana nesomiso njengoba ezinye zazo zakhiwe ngohlobo lokhuthi zikwazi ukudonsa amanzi ngaphansi komhlaba uma imithombo nemifula ishile.

OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe owayedayisela abesimame imbiza yokukhulelwa

Sibe sesihambela nesihlanzamanzi sasedolobheni laseMatatiele omunye wemikhandlu ongaphansi kwethu nalapho labo njiniyela besivezele ebesingakuboni ukuthi singayisebenzisa indle yabantu kunokuthi siyilahle kwenziwe ngakuyo kumbe iguqulwe ibeyi-biogas” kusho uSikhundla.

Uthe okuzobasiza kakhulu ukuthi ilizwe laseGermany selithuthukile kanti bona basathuthuka nokuthi ke umehluko abanawo ukuthi lowa mkhandlu ubhekene nomthamo wabantu abawu 150 000 kuphela uma uqhathaniswa nowabo obhekene nabantu abasondele kwisigidi.

‘”Ngesikhathi siseGermany nathi safunda lukhulu kubo kodwa ke bona bahluke ngokuthi ingqalasizinda yabo ayincikanga kwindalo yendawo njengathi esikwazi ukusenzisa imithombo ukuphehla amanzi nokunye ” kusho uMnu Sikhundla. Uthe lobu budlelwano babenze neGermany ngoba lingelinye lamazwe akhinyabezwa kakhulu ukuguquguquka kwesimo sezulu kodwa okungcono ngaso isizwe esesihambile kwezentuthuko.

Uthe kusasa bazohambela ezikolweni zaseMbizana nasemfuleni waseMzamba uMtamvuna bayobonisa izithunywa enye indalo abacabanga bathembele kuyo ukubhekana nalesi simo sezulu.

UMnu Sikhundla uthe izithunywa zikuthakaselele esezikubonisiwe kangangoba kwizivumelwano zobudlelwa abanazo nabanye omasipala baveze ukuthi kwesabo beyi –Alfred Nzo ngeke sibe ngaphansi kweminyaka emihlanu.  

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When a Covid-19 vaccine for under 16's becomes available, will you be taking your children to get it?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, immediately!
36% - 1960 votes
I'll wait to see how others respond
27% - 1490 votes
No, I don't think they need it
37% - 2012 votes
Vote
ZAR/USD
14.68
(-1.39)
ZAR/GBP
20.79
(-1.40)
ZAR/EUR
17.95
(-1.80)
ZAR/AUD
11.74
(-1.52)
ZAR/JPY
0.14
(-1.12)
Gold
1793.64
(-0.52)
Silver
27.94
(+0.11)
Platinum
1248.50
(-0.83)
Brent Crude
66.41
(+2.64)
Palladium
2414.67
(-0.59)
All Share
67098.79
(+1.36)
Top 40
61681.32
(+1.54)
Financial 15
12306.33
(-0.39)
Industrial 25
86268.22
(-0.33)
Resource 10
69879.00
(+4.71)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo