Umkhandlu wonga imali ngokuvala izibiliboco emingcwabeni

Durban - Kuvalwe izibiliboco nobukhazikhazi emingcwabeni yabantu abadla imbuya ngothi abangcwatshwa ngosizo lomkhandlu kamasipala waseKokstad ngenxa yezinga labo lenhlupheko elibabeka kwisimo sokuthi basizwe umkhandlu uma bengcwaba izihlobo zabo.

Imeya yaeKokstad uMnu Bheki Mtolo ukudalule lokhu esithangamini sabe zindaba ebesibanjelwe emkhandlwini nalapho ibiyocacisa ukuthi umkhandlu wabo usuzokhipha umgodi kuphela uma uthole ukuthi umndeni oshonelwe uthola imali engaphezulu kuka R 3360 uma imiholo yamalungu isihlanganisiwe.

UMnu Mtolo uthe indaba yokuthi umkhandlu ubhekane nazo zonke izindleko zemingcwabo isiphelile ngale kokuthi lowo mndeni ngempela kawuyitholi imali engaphezulu kwedalulwe ngasenhla.

Ukuqinisekisile ukuthi nabo banophenyo abalwenzayo ngoba batholile ukuthi iningi labantu bayaluxhaphaza uhlelo luka masipala olubizwa phecelezi nge-Indigent support grant ekuwuhlelo lwemali ebekwayo yokubhekelela izinkinga kumbe izinselelo zabahlwempu ekubalwa kuzo izinsiza zikagesi wamahhala kanye nezinye.  

“Sesibophe abantu ababalelwa ku 1629 abazama ukukhwabanisa loluhlelo ngokusinikeza imininingwane ekungasiyona eveza ukuthi bahlwempu ukuze bahlomule ekutholeni kwizinsiza zamahhala esizinikeza abampofu nalapho kuye kuthi ekugcineni sithole ukuthi laba bantu uma sesiphenyisisa basebenza kahle  nje futhi emizini yabo kupaka izimoto zika nokusho” kusho uMnu Mtolo.

Uthe abanye babantu abatholwa bebhalisele loluhlelo abasebenzi bomkhandlu, abakahulumeni kanye nabezinkampani ezinkulu ezizimele.

“Sesikulungele ukuvula amacala kodwa ke okusiphatha kabi ukuthi amacala esiwavula emaphoyiseni aseKokstad  akahambeli phambili ngoba abantu babheka ukuthi lenziwe ubani lapho uma icala lingathinti imeya kumbe isikhulu esiphezulu uthole ukuthi kalinakwa” kusho uMnu Mtolo.

Uthe kwakulona loluhlelo lokungcwaba bathole ukuthi labo abanomasingcwabisane benzelwa yonke into kodwa babuye bafune okuningi emkhandlwini ngoba ngelithi bahlwempu.

“Sesibathintile omasingcwabisane abaningi basitshela ngezinto abahlinzeka ngazo imindeni eshonelwe nalapho sithole ukuthi bonke bakhipha okuningi okudingeka emingcwabeni  thina nje manje sizobheka isimo somndeni sinhlangabezane nezonti thizeni ekufanele sibasize ngazo, hhayi ukuthi sibhekane nazo zonke izindleko” kuchaza uMnu Mtolo.

Uthe izinhlelo zomkhandlu eziyisibonelelo ezigcina zixhashazwa sezubaphoqe ukuthi basungule uhlelo lokulwa nenkohlakalo njengoba sebethule ngokusemthethweni inombolo yokumpimpa abantu abanza izenzo zenkohlakalo.

OLUNYE UDABA: Ushaqekile umndeni wowesifazane otholakale eshonile

“Sifuna umphakathi ube ingxenye ekubikeni imikhuba eyenziwa abasebenzi bethu ngoba empeleni kuyicala ukwazi izenzo zenkohlakalo kodwa ungazibiki kumbe uze nazo ngaphambili. Siphelile ke manje isikhathi sokulokhu kuthiwa imeya idla imali, sifuna abantu beze ngaphambili kodwa labo abangamagwala sizobavikela njengoba sizoba nendlela evikelekile esizosebenza ngayo” kusho uMnu Mtolo.

Uthe inkohlakalo edlangile kuleli ixhaphaza kakhulu abahlwempu ngoba ukukhuphuka kwentela nokwehla kwemali ebhekelela ingqalasizinda kwenziwa ukuthi uhulumeni udonso kanzima ezimalini ngoba iningi layo iyantshontshwa.

UMnu Mtolo uthe okubaphatha kabi ngamaphoyisa aseKokstad ukuthi amacala abawavulayo bewavulela abakhwabanisi kawahambeli phambili iningi lawo agcina enyamalala nokuthi kuyabhekwa ukuthi icala lithinta bani, kufakwe kakhulu ingcindezi kulawo athinta izikhulu, lawo awabasebenzi abasezikhundleni ezisezansi kawanakwa.

Uhambisa athi ngoLwesihlanu bazozulazula edolobheni nase malokishini baqwashise abantu ngenkohlakalo nobungozi bayo ngoba empeleni ngesinye isikhathi inkohlakalo iqalwa abantu abathanda ukugwazela abasebenzi baka hulumeni igcine igcine isingasagwemeki.

Umkhandlu waseKokstad ukwe wabhekana nesimo senkohlakalo lapho kwagcina kuxoshwe inqwaba yabasebenzi ekwatholakala ukuthi badle izigidi.

Inombolo ethulwe ngokusemthethweni yokubika inkohlakalo ithi 010 593 0835 kumbe ubhalele kuleli kheli: 
We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When a Covid-19 vaccine for under 16's becomes available, will you be taking your children to get it?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, immediately!
38% - 4083 votes
I'll wait to see how others respond
26% - 2777 votes
No, I don't think they need it
36% - 3921 votes
Vote
ZAR/USD
15.29
(-0.52)
ZAR/GBP
21.24
(-0.12)
ZAR/EUR
18.29
(-0.11)
ZAR/AUD
11.81
(-0.08)
ZAR/JPY
0.14
(-0.10)
Gold
1700.44
(+0.04)
Silver
25.20
(+0.16)
Platinum
1128.01
(+0.31)
Brent Crude
69.67
(+3.93)
Palladium
2329.95
(+0.62)
All Share
68271.19
(+0.78)
Top 40
62788.64
(+0.87)
Financial 15
12759.80
(+0.67)
Industrial 25
87613.31
(-0.32)
Resource 10
70801.78
(+2.36)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo