UMkhonto WeSizwe udube ingqungquthela ye-SACP

Johannesburg - Umkhonto WeSizwe Military Veterans Association (MKMVA) usunqume ukuduba amadlelandawonye e-ANC, iSouth African Communist Party (SACP), ngokuthi ungayihambeli ingqungquthela yayo kazwelonke yesi-14.

Ingqungquthela yeSACP izothatha isonto eBoksburg, Ekurhuleni.

I-SACP ibilokhu inokungahoshelani nabanye kwi-ANC ngemuva kokuthi yashaya ikhwelo lokuthi uMengameli we-ANC futhi onguMengameli wezwe, uJacob Zuma ehle kwesokuba nguMengameli wezwe.

OLUNYE UDABA:UMkhonto we Sizwe ufuna i-ANC ibambe ingqungquthela esheshayo

Yaphinde yahlasela nomndeni ongabangani noMengameli Zuma, abakwaGupta, yanxusa ukuba baphucwe ubuzwe bakuleli kanye nokuthi babuyele ngokushesha ezweni labo eNdiya.

Le nhlangano yaphinde yaxwayisa nangokuxhashazwa kwezinsiza zikahulumeni.

Esitatimendeni sangoMsombuluko, iMKMVA, ivumile “ngokubonga” ukuthi isitholile isimemo sokuba ibambe iqhaza engqungqutheleni yesi-14, kodwa yanquma ukuthi ingayihambeli.

UMkhonto uzwakalise ukungenami ngokuthi iSACP ingalandeli usiko oludala lokuthi amadlelandawonye awagxambukeli ezintweni ezithinta inhlangano ngokuthi azame ukubheka ukuthi ubani okumele abe nguMengameli olandelayo wenhlangano.

I-MKMVA iphinde yazwakalisa ukungenami ngokuthi iSACP yeseke umfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi, iCosatu, ngesinqumo sayo sokuvala uMengameli Zuma.

ICosatu yathatha isinqumo sokuvala uZuma ngemuva kokuthi ahhahhanyezwa emcimbini wokugubha uSuku lwabaSebenzi ngoMeyi. 

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
47% - 8501 votes
It's four more years for Trump
53% - 9658 votes
Vote
ZAR/USD
16.19
(+0.14)
ZAR/GBP
21.09
(+0.36)
ZAR/EUR
19.12
(+0.47)
ZAR/AUD
11.53
(+0.26)
ZAR/JPY
0.15
(+0.28)
Gold
1901.10
(+0.16)
Silver
24.25
(-0.69)
Platinum
872.00
(-2.61)
Brent Crude
41.25
(0.00)
Palladium
2346.00
(-0.90)
All Share
54890.88
(-0.81)
Top 40
50286.90
(-0.80)
Financial 15
10644.91
(-1.35)
Industrial 25
74457.36
(-0.60)
Resource 10
52092.66
(-0.89)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo