Umndeni kasomabhizinisi owabulawa usola esemfene

Pretoria – Umndeni kasomabhizinisi waseNorth West owabulawa, uWandile Bozwana, uthi ukholelwa ukuthi icala lidluliselwe ezandleni zoKlebe ngenhloso yokuvikela abathile abasezikhundleni eziphezulu.

Umndeni futhi usola ukuthi ukudluliswa kwecala kungukugxambukela kwezombusazwe.

OKlebe nokho bayaziphika lezi zinsolo, bathi bathathe leli cala ngenxa yobucayi balo.

Kodwa umfowabo kaBozwana nophinde akhulumele umndeni, uBenedict utshele iNews24 ukuthi bebesanelisekile ngomsebenzi owenziwe amaphoyisa kuzekube manje.

Funda nalolu daba: Uxoshiwe obize abantu ngamakhafula

Ithimba lamaphoyisa ebeliphethe icala beselibophe usomabhizinisi oqavile, oboshwe nangamanye amacala abucayi osolwa nasekubulaweni kukaBozwana.

“Njengomndeni… sijabule ngokuthi ukhona umphumela omuhle kulokhu kodwa kuyasithusa ukuthi sekubukeka sengathi sekunokugxambukela kwezombusazwe,” usho kanje.

Uthe umndeni utshelwe ukuthi kubengumyalelo wezikhulu ezithile ukuba leli cala lidluliselwe koKlebe.

UBozwana washonela esibhedlela ngemuva kokudutshulwa ngemvula yezinhlamvu ngo-Okthoba 2015.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When assisting your child with remote learning this year, did you:
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Follow the school's comprehensive sexuality education (CSE) curriculum?
14% - 50 votes
Adjust the CSE curriculum to suit the family's morals?
26% - 96 votes
Ignore the schools CSE programme and do your own teaching?
61% - 224 votes
Vote
ZAR/USD
15.24
(-0.20)
ZAR/GBP
20.30
(+0.04)
ZAR/EUR
18.16
(-0.24)
ZAR/AUD
11.23
(-0.38)
ZAR/JPY
0.15
(-0.25)
Gold
1806.19
(-0.17)
Silver
23.18
(-0.06)
Platinum
958.00
(-0.03)
Brent Crude
47.75
(-1.52)
Palladium
2368.36
(+0.54)
All Share
57871.61
(-0.09)
Top 40
53074.52
(-0.02)
Financial 15
11746.73
(+0.87)
Industrial 25
79725.48
(-0.33)
Resource 10
52697.22
(-0.18)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo