Johannesburg - Umndeni wesekela likathishanhloko elidutshulwe labulawa eDalinceba Primary School eDuduza e-East Rand esifundazweni iGauteng uzwakalise ukushaqeka ngesigameko.
Abasolwa kubikwa ukuthi bangene emagcekeni esikole bezenza abantu abazolungisa ugesi onenkinga.
Ngesikhathi isekela likathishanhloko liphuma ehhovisi
lizobuza kahle ngabazokwenza, libe selidutshulwa amahlandla amaningi lashonela
khona endaweni yesigameko.
Amaphoyisa aseqalise ukuthungatha abasolwa abane.
OLUNYE UDABA: Ivelile indoda esolwa ngokubulala intombi
UNgqongqoshe wezeMfundo eGauteng uPanyaza Lesufi uhambele isikole nomndeni ngoLwesibili.
Umfowabo kamufi omdala uthe basathukile namanje ngokwenzekile.
"Ngishaqekile, angikwazi nokukhuluma. Inhliziyo yami ibuhlungu. Ubengenabo abangani noma izitha. Kasiyazi imbangela yalokhu.”
- SABC