Johannesburg – UMnyango wezokuHlunyeleliswa kwezimilo uthi unethemba lokuthi iziboshwa ezeqe eJohannesburg Central Prison zizotholakala ziphinde ziboshwe.
Iziboshwa ezingu-16 zeqe ejele elidume nge-Sun City ngezithuba zabo-03:00 ngoMsombuluko ekuseni ngemuva kokusika izinsimbi ezivale emawindini ejele.
Iziboshwa ezeqile bezisalinde ukuthethwa kwamacala ezibhekene nawo kanti zithathwa njengeziyingozi.
UMnyango uthi unomlando omuhle wokubopha kabusha iziboshwa ezeqile.
OLUNYE UDABA: Kushone izingane ezintathu kuwa udonga
Okhulumela uMnyango uSingabakho Nxumalo uthi umsebenzi omuhle abasanda kuwenza nje ubuse-Western Cape.
“Esigamekweni sakamuva e-WC ePollsmoor lapho kweqa khona iziboshwa eziyisithupha, sakwazi ukuzibopha engakapheli amahora angu-48.
“Ngakho-ke sisanethemba lokuthi nakuba kweqe ezingu-16 kodwa sizozibamba, ziphinde zibhekane namacala azo.”