Johannesburg - Umengameli weMamelodi Sundowns uPatrice Motsepe udalule ukuthi isifiso sakhe ukubona umqeqeshi uPitso Mosimane ebanjengo-Sir Alex Ferguson eNingizimu Afrika.
UMosimane usalelwe yizinyanga ezimbili ukuba ahlanganise iminyaka emihlanu selokhu angena esikhundleni sikaJohan Neeskens, kanti kumanje usengumqeqeshi osehlale kakhulu kuleli qembu selokhu kwasungulwa i-PSL.
UMotsepe uthi ukubekezela sekuthela izithelo manje, futhi ukholelwa ukuthi uPitso unawo amava okuba yinkakha eChloorkop, enze njengokuba uFerguson enza kwiManchester United.
OLUNYE UDABA: UMyeni ethubeni lokuqopha umlando kwi-MTN8
UMotsepe uthi ngesikhathi ethenga iMamelodi Sundowns ayekufuna nje ukuba iqembu libenabaphathi kanye nethimba labaqeqeshi abazohlala isikhathi eside, ngisho izinto zingahambi kahle.
“Akukho okungangijabulisa kakhulu mina, ukwedlula uPitso ehlala iminyaka eminingi kwiMamelodi Sundowns.
ISundowns izosingatha iKaizer Chiefs eLoftus ngoLwesibili ebusuku, kowe-Absa Premiership.