Umsakazi woKhozi FM ezinsolweni zePayola

Durban – Umsakazi woKhozi FM, uChilli M, ogama lakhe langempela nguVukani Masinga, uphika eyokufumbathiswa yiqembu lomculo ukuze adlale izingoma zalo emoyeni.

UChilli M – ophinde aziwe ngelikaDaddy kulo msakazo – kuthiwa wathatha i-payola ka-R7 500 eqenjini lomculo laseGoli iStreet Boyz wase elithembisa ngokulimema esiteshini abe nengxoxo nalo aphinde adlale izingoma zalo.

Imenenja yaleli qembu, uSiya Mareke uthi uChilli M waxoxa nabo imizuzwana emibili nje vo emoyeni ngemuva kokuba sebemkhokhele le mali.

“Kwathi uma sesimthinta futhi ukuba afeze izethembiso zakhe, izingcingo zethu wayengasazibambi,” kuqhuba uMareke.

OLUNYE UDABA: Umsakazi woKhozi uthi ngeke umfice uDisemba - Umbiko

Uthi u-R2 500 bawufaka ebhange kwathi u-5 000 bamnikeza wona esandleni ehamba nowesifazane athi ngunkosikazi wakhe.

“Ngiyavuma ukuthi ngakhokha i-payola, kepha ngithanda ukuqwashisa abanye abantu abangase “baxhoshwe” nguChilli M,” kusho uMareke.

Ngonyaka odlule iSunday Sun yake yabika ngezinsolo zokuthi uChilli M wathatha imali kumculi waseThekwini uDalisoo Dlamini wamthembisa ngokudlala umculo wakhe kakhulu emoyeni.

Okhulumela i-SABC uKaizer Kganyago uqinisekisile ukuthi kukhona abavulele lo msakazi isikhalazo.

Ethintwa uChilli M uthe: “Angibazi la bantu enikhuluma ngabo, bazama ukuthola udumo ngegama lami.”

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
46% - 7049 votes
It's four more years for Trump
54% - 8146 votes
Vote
ZAR/USD
16.18
(-0.09)
ZAR/GBP
21.21
(-0.07)
ZAR/EUR
19.19
(-0.20)
ZAR/AUD
11.58
(-0.28)
ZAR/JPY
0.15
(-0.23)
Gold
1910.57
(+0.31)
Silver
24.76
(+0.32)
Platinum
887.50
(+0.99)
Brent Crude
42.50
(+1.69)
Palladium
2368.00
(+0.57)
All Share
55355.29
(+1.02)
Top 40
50789.71
(+1.02)
Financial 15
10526.44
(+1.45)
Industrial 25
74773.69
(+0.87)
Resource 10
53359.59
(+1.02)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo