Umshayeli wetekisi nomsizi wakhe 'bathumba, bashaya' iphoyisa ngoba libabambezela

Umshayeli wetekisi waseZimbabwe kanye nomsizi wakhe kubikwa ukuthi bavele enkantolo ngecala lokuthumba, ukunklinya nokushaya iphoyisa ebelihambele endaweni yesigameko sengozi esibandakanya imoto yabo nenye imoto encane.

Ngokubika kweNew Zimbabwe.com, uClayton Chirere, 29, noGodfrey Ruwodo, 36, basola leli phoyisa ngokubabambezela. Laba babhekene necala lokushaya nokuthumba.

IMantshi uRuramai Chitumbura utshelwe ukuthi laba bobabili bathumba baphinde bashaya uFanuel Mudzimiri - oyiphoyisa elisebenzela esiteshini samaphoyisa esiseHarare - ngoba bekhala ngokuthi "ubabambezela ngaphandle kwesizathu ngoba imoto abashayisane nayo kayizane ilimale".

OLUNYE UDABA: Buka: Kubambana iphoyisa nomshayeli 'ngamawashingi'

UMudzimiri wayethatha izitatimende kulabo abathintekayo ngesikhathi uChirere eyalela uRuwodo ukuba asuse imoto kukhona iphoyisa phakathi, okuthiwa ngokuhamba kwesikhathi balishaya base beyalinklinya ngebhande.

Leli phoyisa nokho lakwazi ukubaleka ngesikhathi imoto ima erobhothini.

Bobabili abasolwa bazogqunywa esitokisini kuze kube baphindela enkantolo ngoMsombuluko.

Kubikwa ukuthi lesi kakusisona isigameko sokuqala esibandakanya ukushaywa kwephoyisa kwenziwa ngabashayeli betekisi.

Ngokusho kweNewsDay, umshayeli wetekisi nayehamba naye bavela enkantolo ngo-2017 ngecala lokushaya iphoyisa abalisola ngokudala ukuthi itekisi yabo ishayise isitolo kuThird Avenue, kwaBulawayo.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When a Covid-19 vaccine for under 16's becomes available, will you be taking your children to get it?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, immediately!
38% - 4071 votes
I'll wait to see how others respond
26% - 2771 votes
No, I don't think they need it
36% - 3912 votes
Vote
ZAR/USD
15.29
(-0.52)
ZAR/GBP
21.24
(-0.12)
ZAR/EUR
18.29
(-0.11)
ZAR/AUD
11.81
(-0.08)
ZAR/JPY
0.14
(-0.10)
Gold
1700.44
(+0.04)
Silver
25.20
(+0.16)
Platinum
1128.01
(+0.31)
Brent Crude
69.67
(+3.93)
Palladium
2329.95
(+0.62)
All Share
68271.19
(+0.78)
Top 40
62788.64
(+0.87)
Financial 15
12759.80
(+0.67)
Industrial 25
87613.31
(-0.32)
Resource 10
70801.78
(+2.36)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo