Mpumalanga - Leli phoyisa kanye nozakwabo abane abayizigebengu bashone ngesikhathi bengqubuzana namaphoyisa kulandela imizamo yokugebenga imoto yemali eMpumalanga.
Amaphoyisa ophiko lwe-Special Task Force, Crime Intelligence kanye noKlebe nalunywa indlebe ngezinmhlelo zokugebenga le moto.
OLUNYE UDABA:Kuboshwe iphoyisa ngokubulawa komshayeli
“Abasolwa abane basale enkundleni, kanti ababili baphuthunyiswe esibhedlela lapho kufike kwashona khona oyedwa, kubika iTimeslive.
“Kulimale namaphoyisa amabili kanti elesithathu lishonele endleleni eya esibhedlela ngesikhathi imoto yabo ishayisa,”kusho uKaputeni Dineo Sekgotodi okhulumela oKlebe kulesi sifundazwe.