Umunyu abangani beshona kanye kanye

Durban - Ukhalelwe ngamasongo kasiGonyela owesilisa waseMlazi, eningizimu yeTheku oshayise ngemoto izingane ezimbili zashonela endaweni yesigameko ngoMgqibelo, kubika iphephandaba ILANGA.

Kubikwa ukuthi lona wesilisa ubehamba ngesivinini esiphezulu kanti uzophunyukwa yimoto yagibela phezu kwezingane ebeziseceleni komgwaqo owaziwa ngoSigananda esigcemeni sakwa-Z, eMlazi.

Abazibonele bathi indlela ezilimale ngakhona izingane, bekunzima ngisho ukubuka izidumbu zazo. Umthombo weLANGA uthi lezi zingane bezizalwa emizini  engomakhelwane kanti ukushona kwazo ngesikhathi esisodwa kuthuse kakhulu njengoba kubikwa nokuthi bezingamathe nolimi. Uthi amaphoyisa akwazile ukumvikela lona wesilisa olakeni lomphakathi obusuthukuthele uthelwa ngamanzi.

"Ibuhlungu kakhulu indlela ezilimale ngayo izingane futhi bezingeke ziphile ngoba zigxobeke yaphela indaba yazo. Umshayeli ungene esikhisini ngesikhathi kade ehamba ngesivinini kanti uzohluleka wukulawula imoto wathi uma eyijikisa yavele yaphumela ngaphandle komgwaqo yabulala izingane," kusho umthombo.

OLUNYE UDABA: Kuthiwa wadayisa ubuthaphuthaphu ama-DVD enkonzo yomngcwabo kaSfiso Ncwane

Elinye lamaphoyisa asesiteshini sakwaBB, eMlazi okuboshwe kusona lona wesilisa, lithi imoto ibigijima kakhulu kodwa umshayeli wayo ubenazo zonke izimfanelo futhi ubengaphuzile ngoba uhloliwe. Lezi zingane ezishonile nguPhelelani Mbokazi (9) noLusanda Buthelezi (9). UNkz Zinhle Mbokazi oyilunga lomndeni wakwaMbokazi, uthi izingane bezithunywe kwenye indawo kanti imoto izovele iphume emgwaqweni izishayise zihamba ngaphandle kwawo. "Bese zibuya lapho ebezithunywe khona nakhu-ke sezivelelwa yishwa.

Lena enye ingane, imoto iyishayise yaze yayihudula. Okusiphathe kabi kakhulu wukuthi kalukho usizo esiluthole emaphoyiseni asesigcemeni sakwa-BB ngoba kawasinikanga nenombolo yecala nokusitshela-ke ukuthi umshayeli kuqhubekani ngaye ekubeni kuyithina esilinyalelwe emndenini," kusho uNkz Mbokazi. UNkz Zanele Mazibuko uthi namanje usathukile ngento ayibonile. "Lezi zingane bezizwana zihlala edeskini elilodwa nasekilasini. Ngifike endaweni yesigameko enye ingasenalo ugebhezi luphume lonke ekhanda, luzihlalele eceleni," kusho uNkz Buthelezi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thulani Zwane, ukuqinisekisile ukushona kwezingane wathi lona wesilisa oneminyaka engama-22 ubudala, uzovela eNkantolo yeMantshi yaseMlazi namhlanje ngoMsombuluko. "Uboshiwe ngenxa yokushona kwabantwana kanti ngokombiko esiwutholile, uthi uhluleke wukulawula imoto yakhe yaphumela ngaphandle komgwaqo yalimaza abantwana," kusho uColonel Zwane.


We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
46% - 5673 votes
It's four more years for Trump
54% - 6716 votes
Vote
ZAR/USD
16.41
(+0.21)
ZAR/GBP
21.43
(-0.53)
ZAR/EUR
19.46
(+0.01)
ZAR/AUD
11.61
(-0.12)
ZAR/JPY
0.16
(-0.29)
Gold
1918.15
(+0.41)
Silver
25.00
(+1.08)
Platinum
874.00
(+0.40)
Brent Crude
43.05
(+1.28)
Palladium
2401.50
(+0.50)
All Share
55084.14
(-0.34)
Top 40
50638.20
(-0.42)
Financial 15
9978.38
(+0.22)
Industrial 25
74967.37
(-0.79)
Resource 10
53731.39
(-0.11)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo