'UMvikeli woMphakathi akanawo amandla okuyalela uZuma ukuba enzeni'

Pretoria – Ithimba labameli bakaMengami Jacob Zuma liveze ukuthi lowo owayenguMvikeli woMphakathi uThuli Madonsela wayengenawo amandla okuba enze isiphakamiso sokuthi kusungulwe ikhomishana yophenyo mayelana nombiko we-state capture.

Ummeli u-Ishmael Semenya, utshele iNkantolo eNkulu iNorth Gauteng ePitoli ukuthi: "UMvikeli woMphakathi kumele asitshele ukuthi uwathathaphi amandla okusho ukuthi izincomo zakhe kumele ziphenywe ngomunye umuntu."

USemenya utshele uMengameli wamaJaji uDunstan Mlambo, kanye namanye amajaji okubalwa kuwo uPhillip Boruchowitz noWendy Hughes, ukuthi akukho semthethweni ukuthi uMadonsela atshele uMengameli ukuba kumele asungule ikhomishana yophenyo.

OLUNYE UDABA:URamaphosa uthi akanawo amandla okusungula uphenyo nge-State Capture

Uthi kumele zibekwe eceleni iziphakamiso ezenziwa nguMadonsela.

UMengameli uyaziphikisa lezi zincomo zikaMadonsela ngoba uMthethosisekelo uthi wumengameli kuphela onegunya lokusungula ikhomishana yophenyo.

UMengameli wamaJaji ukuvumile ukuthi yiqiniso elinganakuphikiswa ukuthi uMengameli nguye onegunya lokusungula ikhomishana.

UMadonsela wayephenya mayelana nezinsolo zobudlelwano obungalungile phakathi kukamengameli nomndeni ongomacaphunakusale wakwaGupta, nezinsolo zokuthi yiwo othatha izinqumo ngongqongqoshe abaqokelwa kwiKhabhinethi kaZuma.


We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Is social media doing more harm than good?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, our children are exposed and we can't protect them
49% - 6225 votes
Yes, but social media is part of the new reality
45% - 5697 votes
No, it's great for growing a child's world view
5% - 665 votes
Vote
Rand - Dollar
14.13
+0.0%
Rand - Pound
19.86
+0.0%
Rand - Euro
17.07
-0.1%
Rand - Aus dollar
10.92
-0.0%
Rand - Yen
0.13
-0.2%
Gold
1,826.85
+0.6%
Silver
27.09
+0.4%
Palladium
2,863.32
+0.1%
Platinum
1,210.07
-0.3%
Brent Crude
69.32
+1.1%
Top 40
60,211
-2.1%
All Share
66,169
-1.9%
Resource 10
69,474
-3.1%
Industrial 25
82,513
-1.5%
Financial 15
12,499
-1.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo