UNgqongqoshe uzoya esikoleni 'okudlwengulwe' kusona umfundi

Johannesburg – UNgqongqoshe wezeMfundo eGauteng uPanyaza Lesufi ngoMsombuluko kulindeleke avakashele isikole eMamelodi East, ePitoli, lapho kuthiwa umfundi udlwengulwe khona ngunogada wesikole.

Uzoya kulesi sikole ukuyothola umbiko ngezinsolo zokudlwengulwa komfundi wentombazane oneminyaka engu-17 ubudala, kusho okhulumela uNgqongqoshe, uSteve Mabona, ngeSonto.

Isigameko kuthiwa senzeke ngoSepthemba 30 kanti icala lavulwa ngasekuqaleni kwenyanga ephezulu.

ULesufi ukhulume ngesigameko sakamuva emhlanganweni wabazali kanye nezikhulu zesikole samabanga aphansi eSoweto lapho ‘kudlwengulwe’khona izingane ezingu-87 okusolwa ukuthi zidlwengulwe ngunogada wesikole.

OLUNYE UDABA: Kuphenywa ngokubulawa kwabantu abayisithupha

ULesufi, ochaze izinsolo zokuhlukunyezwa ngokocansi kwabafundi njengenhlekelele, uxolisile kubazali ebebediniwe mayelana nokubambezeleka kokubikwa ngalolu daba nguthishanhloko.

Unogada wesikole oneminyaka eko-50 ubudala, uboshwe ngoMsombuluko odlule, mhlaka 9 Okthoba.

Wavela kafuphi eNkantolo kaMantshi eProtea North wagcinwa esitokisini kuze kube umhlaka 18 kwephezulu, lapho kulindeleke khona ukuba afake isicelo sebheyili.
We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
As a child or as an adult, have you ever been a victim of bullying?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, at school
55% - 2635 votes
Yes, at work
17% - 824 votes
No, I've never experienced this
28% - 1321 votes
Vote
USD/ZAR
14.29
(-0.0)
GBP/ZAR
19.97
(+0.4)
EUR/ZAR
17.22
(+0.6)
AUD/ZAR
11.11
(+0.7)
JPY/ZAR
0.13
(+0.2)
Gold
1,774.20
(+0.2)
Silver
25.96
(+0.5)
Platinum
1,193.00
(-1.4)
Brent Crude
67.05
(+0.4)
Palladium
2,764.50
(-1.8)
All Share
67,592
(-0.7)
Top 40
61,826
(-0.8)
Financial 15
12,261
(-1.3)
Industrial 25
87,746
(-0.6)
Resource 10
69,211
(-0.8)
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo