UNgqongqoshe wezeziMali uzocacisa ngemfundo yamahhala - Ramaphosa

Durban - UCyril Ramaphosa uqinisekise ukuthi imfundo yamahhala izotholakala kulabo abahlwempu kanye nalabo abasemindenini ethola iholo elingaphansi kuka-R350 000 ngonyaka.

Lokhu kuhambisana namazwi kalowo owayenguMengameli uJacob Zuma.

UZuma wagxekwa kakhulu ngasekupheleni konyaka ngesikhathi ememezela ukuthi imfundo yamahhala izotholakala kubo bonke abahlwempu nabaphuma emindenini eyenza imali engaphansi kuka-R350 000 ngonyaka.

Amaqembu aphikisayo kanye nabahlaziyi bezepolitiki babemgxeka uZuma ngemuva kokwethula le nkulumo bethi usezama ukuthola udumo olungekho futhi uzama ukubambelela emandleni.

OLUNYE UDABA:'Imfundo yamahhala ingehlisa izinga lobugebengu'

Lokhu kumemezela kukaRamaphosa kusaqinisekisa amazwi kaZuma njengoba ephinde wathi isikhwama iFundza Lushaka sizokwandisa imali ebolekwa labo abenza izifundo zobuthishela.

Nokho uRamaphosa uthe konke kuzocaciswa nguNgqongqoshe wezeziMali uma esethula isabelomali ngesonto elizayo.

Okunye okubalulekile okushiwo wuMengameli mayelana nezemfundo wukuqiniswa kokufunda ngezilimi zesintu kuzo zonke izikole zikahulumeni.

"Kulo nyaka kuzokwenziwa izivivinyo okokuqala ngqa kubafundi abakhuluma ngezandla (Sign Language). Lokhu kuyingxenye yezinhlelo zokusimamisa lolu limi," kusho yena.


We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
46% - 6721 votes
It's four more years for Trump
54% - 7822 votes
Vote
ZAR/USD
16.21
(+0.76)
ZAR/GBP
21.21
(+1.09)
ZAR/EUR
19.18
(+0.93)
ZAR/AUD
11.52
(+0.70)
ZAR/JPY
0.15
(+0.92)
Gold
1900.89
(-1.06)
Silver
24.57
(-1.48)
Platinum
877.51
(-0.54)
Brent Crude
42.06
(-3.35)
Palladium
2389.99
(+0.28)
All Share
54796.42
(-0.99)
Top 40
50276.84
(-1.23)
Financial 15
10376.28
(+2.34)
Industrial 25
74130.97
(-0.60)
Resource 10
52819.20
(-2.99)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo