Meredale – Abosizo oluphuthumayo i-ER24 ibizelwe endaweni yaseMeredale iningizimu nedolobha laseGoli kulandela isigameko sokuhlaselwa kowesilisa.
Lokhu kwenzeke ngoLwesine, kanti ngokwemibiko ye – SA Today, abosizo oluphuthumayo bathole owesilisa enamanxeba amaningi okudutshulwa.
OLUNYE UDABA:Isindile indoda edutshulwe amahlandla angu-7 eMgungundlovu
Le ndoda itholakale ehlathini eliphakathi nemizi, ngenhlanhla ubesaphila ngesikhathi ehlengwa abe-ER24.
Uphuthunyiswe esibhedlela lapho eyoxilongwa khona ngokwanele. Amaphoyisa asaphenya ngalesi sigameko.